59,316 of 100,000 amasignesha

Zimbi izinto, futhi asazi ukuthi ziyoba ngcono nini. Indlala, ukuphelelwa imisebenzi, ukuncishiswa kwezibonelelo nokufa yonke indawo. Inani lesibonelelo sikahulumeni samanje besingakwanele ukuxosha ikati eziko ngaphambi kwe-COVID-19, futhi manje sekunabanye abantu abaningi abangasasebenzi, ukunyuka kwamanani empahla eyisisekelo njengokudla, futhi abantu bayafa kuleli zinga, lokhu sekuyinkinga ebeka engcupheni impilo yabantu. 

 

Kodwa singakushintsha lokhu. Ngonyaka odlule sahlanganyela bese saba nenqubekela phambili ngokuthasisela esibonelelweni sikahulumeni, kodwa lokhu sekuphelile [1]. Manje, njengoba sekuqubuke i-COVID-19 edala igciwane le-corona, kumele sifake ingcindezi enkulu kuhulumeni ukuze athathe izinyathelo. UMongameli Ramaphosa umemezele izinhlelo zomkhankaso womgomo we-COVID-19 futhi uthe uhulumeni uzolubhekisisa udaba lwesibonelelo sengeniso eyisisekelo [2] kodwa wathi ayikho imali yokusiza imindeni njengamanje [3]. 

 

Ngesikhathi lapho okumele kuqashwe ngaso abasebenzi bezempilo abaningi, uNgqongqoshe Wezezimali uMboweni ubelokhu enciphisa izabelomali zemali esetshenziselwa umphakathi [4], yize kunenqwaba yongoti abethulele uMgcinimafa Kazwelonke nePhalamende ucwaningo oluveza ukuthi singayithola imali ngokukhokhisa labo abacebile intela ngokufanele. Bangaphezu kwezi-150,000 abantu abahola umholo ongaphezu kwesigi samarandi esi-1 ngonyaka [5], abangeke balambe uma bengakhokhiswa Intela Yengeniso Eqondene Nomuntu Siqu enkulu. 

 

Bese kube nosozigidi abangaphezu kwezi-300,000 [6] abanezithabathaba zezindlu nezigidi ema-akhawuntini abo asebhange. Abacwaningi baphakamise ukuthi kube nentela yengcebo iyonke yonyaka yalabo abanengcebo engaphezu kwezigidi ezingu-R3.8. Kunamazinga ahlukene entela aphakanyiswe kulolu cwaningo. Seseka izinga lentela yengcebo iyonke ephezulu kakhulu ephakathi kwama-3% nama-9% [7] ngoba yilokho okudingekayo ukuze sinyuse izibonelelo zikahulumeni futhi sithathe izinyathelo zokwethula Ukwesekwa Kwengeniso Eyisisekelo ezingeni lengeniso yokuphila ukuze bonke abantu bakithi baphile impilo enesizotha. Abaholi bethu bahlulekile ukukhokhisa abantu abacebile intela ngokufanele iminyaka ngeminyaka, ngakho la mazinga entela ephezulu yabacebile iyadingeka ukuze siqede ukuncishiswa kwezabelomali eziqondene nomphakathi futhi kube nemali edingekayo ukuze kuphumelele Umshwalense Wezempilo Kazwelonke (i-NHI) eminyakeni emihlanu ezayo. 

 

Siphila ezweni elinokungalingani okukhulu emhlabeni wonke. Njengamanje, ukukhishwa kwemigomo ye-COVID-19 kubekwe uqhulwini kwezotshalomali, kube kufanele. Kodwa ukusinda kwi-COVID-19 bese ubhekane nendlala kanye nokunakekelwa ngokwezempilo okunganele kuzokwenza lolo tshalomali ize.

 

Uma sithatha isinyathelo manje, sizofaka ingcindezi eyanele ukuqinisekisa ukuthi enkulumweni yesabelomali kaNgqongqoshe Wezimali uMboweni mhla zingama-24 Februwari umemezela intela yabacebile, engasiza inqwaba yemindeni ingagcini ngokusinda kwi-COVID-19, kodwa iyisize nanoma sekudlule ubhubhane futhi. 

 

Mongameli Ramaphosa othandekayo, noNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi uZulu kanye noNgqongqoshe Wezezimali uMboweni, thina esisayine ngezansi sikunxusa ukuba weseke izinqumo, izinqubomgomo nezabelomali ezidingekayo ukuze kuphumelele izimfuno ezingezansi. Ngqongqoshe Mboweni, kumele wamukele izimfuno elandelayo "Njengamacebo esikubonisa ngawo njengoNgqongqoshe Wezezimali". Siyakukhumbuza njengoNgqongqoshe Wezezimali, ukuthi kuwumsebenzi wakho ukuthatha isinyathelo esizosiza iningi labantu abampofu, hhayi izimfamona ezimbalwa. Yingakho kumele uzibophezele ezimfunweni ezilandelayo enkulumweni yesabelomali yakho yamhla zingama-24 Februwari 2021: 

 

1. Nyusa Intela Yengeniso Eqondene Nomuntu Siqu kulabo abahola imali engaphezu kwesigidi samarandi esisodwa ngonyaka kusukela mhla ka 1 Ephreli 2021, ngephesenti elizosiza ukufeza izimfuno ezingezansi.

 

2. Zibophezele ekwethuleni intela yengcebo iyonke yonyaka ibe sezingeni lama-3% kulabo abanengcebo engaphezu kwezigidi ezingu-R3.8, ngama-7% kulabo abanengcebo engaphezu kwezigidi zamarandi ezingama-30 kanye nama-9% kulabo abanengcebo engaphezu kwezigidi zamarandi eziyi-146, futhi uyifake kuMthethosivivinywa Wamanani Nezimali wezi-2021 ozoqaliswa mhla ka 1 Ephreli 2022. intela yengcebo iyonke kumele ime ingunaphakade futhi ibe ngeyeminyaka yonke. Inqubo yokuqinisekisa ukuthi abacebile badalula ingcebo yabo kumele iqale ngokuphazima kweso. Izindlela zokwengezela zokubhekana nokubalekela intela kanye nokusetshenziswa kwemali ngendlela engekho emthethweni okwenziwa ngabantu siqu kanye nezinkampani kumele kubekwe eqhulwini. 

 

3. Sicela nokuthi kube nezindlela zokungenelela ezibeka ebampofu eqhulwini kanye nokuzibophezela okunjengokunciphisa kakhulu izimbuyiselo zezikimu zokwelapha kanye nokuqeda imali ebanjelwa ukukhokhela isikhwama somhlalaphansi noma izimbuyiselo kulabo abahola imali engaphezu kwesigidi samarandi esisodwa ngonyaka. Amakhefu okukhokha intela kumele abuyekezwe, okubandakanya inkokhelo ngokusebenza kanye nokukhansela izimbuyiselo ezingenampumelelo kumele kube yiwo asetshenziswa njengokhiye. Sikunxusa nokuthi uzibophezele ekutheni inganyuswa intela ebizwa nge-Value Added Tax (i-VAT), ngaphandle kwaleyo yempahla ewubukhazikhazi, ngoba lokhu kubalimaza kakhulu abampofu. Futhi kumele kungabibikho ukunyuswa kweNtela Yengeniso Eqondene Nomuntu Siqu kulabo abahola imali engaphansi kwesigidi samarandi esisodwa ngonyaka njengoba leyo ngeniso ivame ukweseka imindeni. Ngale kwalokhu kuzibophezela kwezentela, sinxusa ukuba izindleko zomphakathi zabiwe kabusha futhi kuncishiswe ukusetshenziswa kwemali ngendlela engahlelelwe wuhulumeni. 

 

4. I-amandla.mobi community iphinda inxusa uNgqongqoshe Wezezimali nohulumeni ukuba akhokhise abacebile intela ukuze kuqaliswe izimfuno ezilandelayo, oningi labo sekuneminyaka zazikhankasela. 

 

- Nyusa isibonelelo Sabantu Abakhulile sibe yizi-R2150 ngenyanga, njengesinyathelo sokuthi sibe yingeniso lokuziphilisa eyizi-R2500 ngenyanga

- Nyusa Isibonelelo Sezingane ukuze sibandakanye omama abakhulelwe; 

- Khipha isabelomali sokuqaliswa kohlelo lokugomela i-COVID-19 futhi uqede ukuncishiswa kwemali yokuhlinzekela umphakathi ngezemfundo nezempilo, kube kubekwa isisekelo sokuthi sikwazi ukuthola Umshwalense Wezempilo Kazwelonke. 

- Qinisekisa ukuthi izikhungo zikahulumeni zabelwa imali ngokwanele ukufeza umsebenzi wazo. Ukuhluleka ukwenza njalo kuzodala izinkinga ezinkulu. Isibonelo, ukunciphisa isabelomali se-CCMA kuzowalimaza kakhulu amalungelo abasebenzi, kube i-NPA engaxhaswa ngokwanele yenza kube nzima kakhulu ukubuyisa imali eyebiwe yilabo abakhohlakele.

- Yize isabelo sika-R350 se-SRD se-COVID-19 siqediwe, sinxusa ukuba kube nenqubekela phambili ephuthumayo ezokwenziwa ukuze kuqaliswe Isiqiniseko Sengeniso Eyisisekelo (isibonelelo) salabo abaneminyaka eyi-18 kuya kuma-59.  

 

Siphinda sinxusa iPhalamende ukuba lilale futhi lithathe isinyathelo ukuze kuzuze inqwaba yabantu abampofu ngokweseka izimfuno ezibalwe ngenhla. 

 

[1] https://awethu.amandla.mobi/petitions/tell-government-we-urgently-need-a-child-support-grant-increase-of-r500-for-the-next-6-months
[2] FULL SPEECH: Ramaphosa charts 'better future' for ANC in 2021, Nokukhanya N Mntambo for Jacaranda FM, 8 January 2021, page 16 od speech.

[3] Ramaphosa admits there's no money to help families hit by Covid-19, Clement Manyathela for EWN, 15 January 2021.

[4] ANALYSIS: Mboweni delivers a brutal budget: Minister warns SA needs deep spending cuts or risk bankruptcy, Hilary Joffe for Times Live, 25 June 2020.

[5] This is how many South Africans earn over R5 million a year, Quinton Bronkhorst for Business Tech, 23 February 2020.

[6] Submission to the technical annexure c tax proposals for the 2021 budget, Busi Sibeko for the Institute for Economic Justice, 23 November 2020.

 

[7] A wealth tax for South Africa, Aroop Chatterjee, Leo Czajka and Amory Gethin for Wits University, January 2021.

Isinyathelo esilandelayo - sakaza umyalezo

Usayina lokhu ungu akusi wuwena? cofoza la